Ubulawe eyobuka iGenerations
2012-12-04 12:38
Thabisile Khomo, Daily Sun
Durban - UZanele Khuzwayo, 23, uphume ekhaya eyobukela umdlalo kamabonakude awukhonze kakhuku iGenerations, kwaba ukugcina kwakhe ukuthi abonakale ephila.
Izakhamuzi zasemikhukhiwni yase-Uganda, eMlazi, zithole isidumbu sikaKhuzwayo sinenxeba lokugwazwa, futhi sinqunu.
Umndeni ukhulume nephephandaba iDaily Sun wathi umufi ubengaphuthwa ngumlingisikazi amthandayo uWinnie Modise, odlala indawo kaKhethiwe kuGenerations.
Lona kuthiwa ubehamba njalo ayibukela umabonakusde endlini kaSisi Khuzwayo, ehlehle ngamakhilomitha amabili nakubo.
Izakhamuzi zithi zezwa owesifazane owayememeza ehlaselwa.
“Ukube nje bengine-TV ngabe umntanami usaphila namanje, ubengenazitha. Asiphumi ekhanda isithombe sakhe elele kwibhanga legazi,” kukhala umama kamufi uNcediwe Mbanyana.
Isidumbu sikaKhuzwayo sitholakele ehlathini eliseduze.
“Uma ngingase ngibathole ababulali ngingababulala ngezami izandla,” kusakhala umama.
- Thola ezinye izindaba
zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun