Ubulawe ethi uyobona udokotela
2013-01-30 14:05
Johannesburg - Ubeya kwadokotela ngoba ezizwa engaphathekile kahle, kepha wagcina esekhokha ngempilo yakhe ngesikhathi ezithela esigamekweni sokuphanga kwadokotela, kubika iSowetan.
UMalebo Nyadi Moeketsi, 56, udutshulwe wabulawa ekwadokotela eGaRankuwa ngaphandle kwasePitoli, nalapho amadoda amabili abevimbezele khona uDkt Motloutsi,
umsebenzi nezinye iziguli ezine.
UTimothy Moeketsi, 56, nongumyeni kamufi, uthi namanje usashaqekile ngokubulawa kukankosikazi wakhe ngoLwesihlanu.
"Ukushona kwakhe kungithusile. Ubengaphilile wase eya kudokotela esimhambayo vele njengomndeni," esho.
Uthe ngesikhathi engena kwadokotela unkosikazi wakhe, ukhonjwe ngesibhamu wase eyaqandula.
UMoeketsi uthi bahlala budebuduze nakwadokotela.
"Ngibe sengiphuthuma ngemuva kokuzwa ngalesi sigameko. Ngimfice elele phansi ngamphuthumisa emtholampilo, nalapho eshonele khona ngemuva kwemizuzu engu-30.
"Bese sishade iminyaka engu-38, angikholwa ukuthi usengishiyile."
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Matheuws Nkoadi uthe abaphangi bebenxenxa imali kodwa bangayithola ngoba lo dokotela usebenza ngama-medical
aids, babe sebethatha i-laptop namaselula babaleka ngemoto kadokotela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24