Ubulale unina wagcina isidumbu endlini

2015-02-27 10:01

Bloemfontein – Owesilisa ukhala ngomfowabo obulale unina wagcina isidumbu sakhe endlini isonto lonke kwaze kwazwakala ngokunuka eThumahoe eParys eFree State ngokusho kombiko.

Ngokubika kweDaily Sun owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala wabulala unina oneminyaka engu-64 ubudala wabe esemgquma endlini kwaze kwazwakala iphunga omakhelwane babiza amaphoyisa.

Echaza umfowabo kamsolwa oneminyaka engu-34 ubudala uthe umfowabo ubehlala nonina kwazise yena usebenzela kude ubuya njalo uma kuphela inyanga.

“Umama ubehlale njalo ekhononda ngokuthi umfowethu uyamhlupha kangangokuba kwesinye isikhathi ubeze amthuke,” esho enanela ngokuthi umfowabo ubebuye adle isidakamizwa esibizwa ngenyaope.

OLUNYE UDABA:Uvele enkantolo osolwa ngokugwaza umfowabo

Uthe ngoLwesibili uthintwe ngomakhelwane bemazise ukuthi babize amaphoyisa ngenxa yephunga ebeliqhamuka ekhaya kwazise bese beqalile ukusola njengoba bese kuphele isikhathi esingangesonto bengamboni unina.

“Ngitshelwe ukuthi amaphoyisa afice endlini kugcwele igazi athola isidumbu sikamama sikhiyeliwe egunjini lakhe lokualala,” esho.

Uqhube wathi ufisa umfowabo abolele ejele ngalesi senzo. “Ngamshiya ekhaya ngethemba lokuthi uzogaba umama kodwa yena uyambulala.

Ngeke ngiphinde ngimxolele ngakwenzile,” esho.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Peter Kareli uthe kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala zimkhalele.

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...