Ubulale umzukulu ethi ulwa notikoloshe

2012-11-08 12:01

Cape Town - UNgenisile Velaphi, 51, waseGugulethu eKapa, ubesele yedwa nomzukulu wakhe ononyaka, umama wengane engeko kanjalo nonkosikazi wakhe engekho ekhaya.

UVelaphi uthi ubelele ngesikhathi kuqala impi phakathi kwakhe nendoda emfishane ephuphuzela uboya, uthi impi idonse mhlampe imizuzu engu-30.

Echazela iphephandaba iDaily Sun, uthe ulwe nendoda emfishane wayishaya eyisakaza nangekhanda odongeni abuye ayikhahlele.

Kuthe uma kuphela impi kuqwenguka inkungu, bese kulele isidumbu somzukulu wakhe ezinyaweni, uthe ubecabanga ukuthi ulwa notikoloshe, umkhulu wengane ubekhala ezithanqaza etshela umndeni wakhe ukuthi ubengaqondile ukubulala umzukulu uLuthando, uthi ucela intethelelo.

NgoLwesithathu uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseWynberg, inkantolo inqabile ukumnika ibheyili.

Usibali kaVelaphi uMirvin Tshabalala utshele iphephandaba wathi umndeni uyamxolela uVelaphi ngoba ukholwa wukuthi ubesetshenziswa yimimoya emimbi.

“Usibali ungumuntu ophansi futhi ohlonishwayo nasemphakathini. Uwusizo emndenini, singathanda ukuthi abuye ekhaya azoqhubeka nomsebenzi wakhe wokunakekela umndeni. Siyanxusa ukuthi nomphakathi ungamthathi njengombulali,” kusho uTshabalala.


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ukhonjwa esikhundleni esisha uPikoli

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...