Ubulale intombi kuxatshanwa

2012-11-06 12:03

Johannesburg - Amaphoyisa aseMthatha e-Eastern Cape, athi owesifazane oneminyaka engu-27 ubudala udutshulwe wabulawa yisoka lakhe, ngaphambi kokuthi nalo lizingqokloze ngesibhamu..

Indoda eneminyaka engu-35 ubudala, iye kubo kwentombi ngezithuba zawo-06:00 ekuseni, kuqubuke ingxabano phakathi kwabo, indoda yabe seyimdubula imbulala, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mzukisi Fatyela.

Indoda lena izidubule ekhanda, isesimweni esibucayi esibhedlela iNelson Mandela Academic Hospital, kumanje iqashwe ngamaphoyisa esibhedlela, kutholakale isibhamu esiyi-9mm endaweni yesehlakalo.

Uma umsolwa ededelwa esibhedlela, uzokwethweswa icala lokubulala kanye nelokutholakala nsibhamu esingekho emthethweni.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...