Ubuholi be-ANC e-E Cape buphika eyokulwa

2012-10-08 12:03

Johannesburg - Unobhala wesigungu iNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape, uyichithile imibiko ethi ubambane ngezandla nosihlalo wesigungu ngesikhathi kubangwa amagama abaholi abazovotelwa eMangaung.

"Akaze yenzeke into enjenga leyo phakathi kwami noSihlalo uNceba Faku, akaze nje sibambane ngezandla," kusho uNobhala uZandisile Qupe.

"Into nje efana naleyo ayisoze yenzeka. Mdala kunami, akukho nje ezimfundisweni zethu ukulwa, abantu bafafaza into engekho.""

Iphephandaba iThe Star libike ngoMsombuluko lathi ubuholi bekomidi e-Eastern Cape, buzokweseka uMengameli Jacob Zuma.

UFaku, ngokwakhe utshele iphephandaba wathi weseka iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe.

UQupe ukuvumile ukuthi kunokwehluka phakathi kwemibono yakhe nekaFaku.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...