Ububhoklolo yinkinga enkulu ezikoleni - Ucwaningo
2012-12-04 12:38
Johannesburg - Ukugcwelezana kwabafundi esikoleni kuyinkinga enkulu ehlasele izikole zaseNingizmu Afrika, kusho umbiko wenkampani eyenza ucwaningo iPondering
Panda.
Abantu abangu-7 324 abahlanganisa othisha, abazali kanye nabafundi, babuzwe ngabacwaningi ukuthi iyiphi inkinga ehlasele kakhulu ezikoleni, kwavela ukuthi wububhoklolo.
"Ububhoklolo yiyona nkinga enkulu ehlasele," kusho isitatimende sakwa Pondering Panda.
Ngenyanga kaJuni kwenziwa olunye ucwaningo, olwathi ububhokolo babe buku-31%, okwamanje luthe baku-28% abasakhala ngabo.
Abanye ekukhulunywe nabo bakhale ngesimo sezindlu zangasese ezikoleni, kanjalo nokungazikhathazi kwabazali ekwazini ukuthi kuqhubekani ezikoleni.
Abafundi abaningi abaseminyakeni yobudala ephakathi kuka-13 no-14 yibona abakhale kakhulu ngobubhoklolo uma kuqhathaniswa nalabo abaseminyakeni yobudala ephakathi kuka-15 no-17.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA