Uboshiwe owetulo lokubulala unina

2012-11-29 10:02

Durban - INkantolo yesiFunda eThekwini ichaze indlela umphakathi onengeke ngayo ngokwanda kwezehlakalo zokubulawa kwabazali yase ishova ejele u-Astrid Tavira, 20, olahlwe yicala lokwakha itulo lokubulala unina, kubika iThe Mercury.

UTavira walahlwa yicala ngenyanga kaSepthemba, ngemuva kokutholakala enecala lokwakha itulo lokubulala unina uFreda.

Umama, 50, wadlwengulwa wase eklinywa esemzini wakhe, ngo-Agasti ngonyaka owedlule, isoka likaTavira uWaleed Karriem, 34, ophinda abe ngumzala wakhe, wavuma leli cala lokubulala wase egwetswa udilikajele.

Ekuvumeni kwakhe icala, watshela inkantolo wathi uTavira wakha itulo ngoba efuna ifa likanina, bese ekhokha izikweleti zakhe.

UTavira uthe wavuma wathi "yebo " ngesikhathi isoka lakhe libuza ukuthi uyafuna yini libulale umama wakhe, uthe wabe ecabanga ukuthi liyadlala.

“Umama wakho wadlwengulwa wabulawa, wawumazi uKarriem ukuthi ungumuntu onodlame kodwa awenzanga lutho ukusiza umama wakho. Umphakathi ukhathele yizingane ezibulala abazali, ufanelwe yizigwebo esiqinile," kusho iMantshi uNanette Otto.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uchiphize waze walala u-Oscar - Umbiko

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...