Uboshiwe onengadi yensangu
2013-01-07 15:03
Johannesburg - Umlisa oneminyaka engu-27 ubudala odabuka eSwazini, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela, ngemuva kokubanjwa ukuthi unengadi yensangu, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
Amaphoyisa abeqhuba uphenyo endaweni yaseVunani, ngesikhathi ezithela engadini yensangu, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Leonard Hlathi.
"Kube sekuseshwa umuzi wonke, kwaboshwa umsola otholakale enenye insangu engadayisa isamba esingu-R700. Ebitshaliwe yona ingaba nenzuzo ka-R189 000".
Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBarberton, ngoLwesibili.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).