Uboshiwe okhipha omazisi bomgunyathi
2012-09-18 15:58
Johannesburg - Umlisa mumbe osolwa ngokuhlelela abokufika omazisi abangekho emthethweni, uboshiwe eTsakane ngoMsombuluko, kusho amaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni.
Umsolwa lona uboshwe esekhaya lakhe e-Extension 5 kanye nabalisa abangu-13, lokhu kuze ngemuva kokugasela kwamaphoyisa kule ndawo ngemuva kokuba elunywe indlebe, kusho uChief Superintendent Wilfred Kgasago.
"Lona usolwa ngokulutha abantu baseMozambique naseZambia ebaletha eGauteng ngesethembiso sokuthi uzobatholela omazisi baseNingizimu Afrika,” usho kanje.
Kukholakala ukuthi ubesebenzisa isigxivizo samakhosi aseLimpopo naseMpumalanga ukuheha abantu.
UKgosago uthe abokufika bebetshelwa ukuthi kumele baqale kuye uma befuna ukuthola umazisi bese ebatshela ukuthi umazisi uzolandela.
"Abokufika bebephinde batshelwe ukuthi abahlale ezindlini bangaphumi kuze kube uhlelo lokwenziwa komazisi babo luyaphothulwa."
–
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi
lwakho.
– Landela
Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).