Uboshiwe odlwengule indodakazi yakhe
2011-06-22 12:57
Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo athi kuboshwe owesilisa osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe, 14, eBela Bela.
NgeSonto, le ntombazane ibikele unkosikazi kaMfundisi ngalesi sigameko, nobe esazisa osonhlalakahle, kusho uLieutenant Colonel Mohale Ramatseba.
Kusolakala ukuthi le ntombazane ibidlwengulwa njalo uma umama wayo engekho.
Lo owesilisa, 40, kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseBela Bela ngoLwesine.
- SAPA