Uboshiwe odale ingozi ebulale abadlali bebhola
2012-11-12 12:02
Johannesburg - Uboshiwe umshayeli weveni eshayisane netekisi ebithwele abadlali bebhola abashone ngesikhathi lezi zimoto zitholana phezulu emgwaqeni oseLimpopo, kusho umbiko wamaphoyisa ngoMsombuluko.
UBrigadier Hangwane Mulaudzi uthi umshayeli oneminyaka engu-36 ubudala, welashelwe amanxeba angatheni, ngemuva kwengozi.
Lona kumanje ubhekene necala lokushayela edle amanzi amponjwana kanye nelokushayela budedengu.
Abadlali bebhola abane bashonile ngesikhathi kwehla ingozi ku-R71 ngasePlokwane, ngeSonto ebusuku.
Abadlali bebhola abashonile bebedlalela iPolokwane City Football Club, bebephuma e-Oscar Mphetha Stadium, la bebedlala khona neFC AK, edlala kuNational First Division.
Abadlali abane bashonele endaweni yesehlakalo kwathi abayisikhombisa bangeniswa esibhedlela, umsolwa kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng, ngoLwesibili.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA