Uboshiwe kwelokubulawa kwentombazane eKZN

2013-02-22 10:04

Durban - Kuboshwe indoda ngezinsolo zokudlwengula ibulale intombazane eNgwavuma, ngasemngceleni waseSwazini naseMozambique, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

UCaptain Thulani Zwane uthe umsolwa utholakale ebhace kamalume wakhe.

Kuthiwa le ndoda yahlangana nale ngane, 13, igoduka ngoLwesibili olwedlule eJozini.

UZwane uthe kusolakala ukuthi umsolwa wadlwengula le ngane ngaphambi kokuyibulalela esikhotheni.

Le ngane yabe isibikwa njengomuntu olahlekile.

Amaphoyisa athola isidumbu sayo esasesiqala ukubola ngoMsombuluko.

UZwane uthe umsolwa ubekwe icala lokudlwengula nokubulala kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yasoBombo kungekudala.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...