Ubonga abakubo osinde ehlaselwa

2012-11-29 12:02

Durban – Owesilisa waseThekwini  ubonga abakubo njengoba esaphila kulandela ukushaywa yizigebengu ngezando zazama nokumnquma umunwe ukuze zithathe indadatho yakhe yomshado.

Umsiki wengqephu yakwaLighting Designer, uDouglas Gordon, 55,  utshele iThe Mercury ukuthi ubeyedwa endlini yakhe ngoLwesibili ngesikhathi ehlaselwa abesilisa abane, abasebenzise amathuluzi akwakhe abebekwe budedengu njengoba umuzi wakhe ulungiswa.

Unkosikazi kaGordon ubengekho ehambe nesikole kanti izingane zabo zona zihlala eWestern Cape.

Bazame ukumncisha umoya ngokuthi bamvale ngomqamelo.

Omunye wezigebengu uzame ukumnquma umunwe ukuze athathe iringi yomshado. Kuthe lapho sekuphuma igazi, indandatho yabe isikwazi ukuphuma wabanika.

Izigebengu bezidinwe zigane unwabu njengoba zithole ukuthi bekungekho ngisho isenti endlini ne-safe ibiphethe imiqulu ethile nje kuphela.

“Owesilisa obephethe isibhamu ungitshele ukuba ngiguqe ngamadolo engikhombe emqaleni. Bengicabanga ukuthi sekuyaphela ngami,” kusho uGordon.

Lezi zigebengu zibe sezibaleka ngemoto yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...