Ubhushuzele nqunu encenga u-R100
2012-12-06 14:02
Johannesburg - UNyankwabe Ndzobe, 26, waseHazyview, eMpumalanga, uphoqeleke ukuthi akhumule abhushuzele emgwaqeni emini kwabha, ngoba encenge ukubolekwa imali.
UNdzobe ubedinga u-R100 efuna ukuyodlala amaphepha, ngethemba lokuthi uzowina bese ekwazi ukuthengela umndeni wakhe ukudla.
Umngani uthe angakwazi ukumboleka kuphela uma evuma ukukhumula ahambe nqunu abukwe wumphakathi, emini.
UNdzobe ukhumule wasala ngesudi yesele, ehamba ebingelela abantu ahlangana nabo, epitshoza ibanga elingu-1km, njengokusho komngani.
Akupheleli lapho, intokazi lena kuthiwe ayihambe imemeza ithi: “Ngikhangisa ngobu-Afrika!”
Lokhu kuthuse kwaphinda kwathukuthelisa abahlali.
“Noma ngabe ubefuna malini. Akumele umuntu wesifazane alahle isithunzi sakhe ngale ndlela,” kusho esinye sezakhamuzi.
UNdzobe uziphendulele ngokuthi uhluphekile futhi akekho ozimisele ukubasiza.
“Akekho umuntu onendaba nathi. Angibulalanga muntu, ngisebenzise umzimba wami ukuthola imali. Bekumele ngithenge ukudla.”
Umngani usekhiphe u-R50, usazophinda akhiphe omunye futhi, njengokwesethembiso, kusho uNdzobe.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun