Ubhululu kaZuma nenkontileka yezigidi
2013-01-18 12:02
Johanessburg - Inkontileka ka-R1.25 billion yokuthi kusatshalaliswe ama-meter kagesi edolobheni laseGoli, yanikwa usomabhizinisi ongubhululu kaMengameli uJacob Zuma.
Umbiko wephephandaba iMail & Guardian uthi kuningi okungahanjiswanga ngendlela ngesikhathi usomabhzinisi uVivian Reddy, ehlomula ngethenda.
Umbiko wephephandaba uthi kwadingeka ukuthi kuguqulwe izinto eziningi eziyizimfanelo, kuze ithenda izogcina itholwa yinkampani kaReddy, i-Edison Power.
Ukuguqulwa kwezimfanelo kuthiwa kwalahlekelisa abebhizinisi iHefcom, ababegaqele ithenda nenkampani kaReddy i-Edison.
Incwadi eyabhalelwa abakwa-Edison ibazisa ukuthi bahlomele lethenda yaphasiswa kukhona izikhulu zeCity Power neCity of Johannesburg.
Umbiko uthi akukho okuphathekayo okukhomba ukuthi kukhona la kungahanjiswanga khona ngendlela ngesikhathi kukhishwa ithenda.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA