Ubhululu kaMalema usulile esikhundleni

2013-01-16 08:31

Johannesburg - Lowo oyiNhloko yezemiGwaqo nezokuThutha eLimpopo uNtau Letebele, nophenywayo ngaphakathi mayelana nezinsolo zokukhwabanisa ithenda yezigidi, usulile kulo Mnyango.

Leli thenda kuthiwa lahlomulisa nowayengumengameli we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema.

Iphephandaba iThe New Age libike ukuthi uLetebele ufake incwadi yokwesula ngoMsombuluko.

"Singaqinisekisa ukuthi uLetebele wesulile esikhundleni futhi sakwamukela lokho," kusho okhulumela uMnyango uJoshua Kwapa.

Lokhu kuza ngemuva kwezinsuku kumenyezelwe ukuthi kuzoba nophenyo ngethenda ka-R53 million eyanikezwa i-On-Point Engineering.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...