Ubhubhisile umbani KwaNongoma

2015-02-15 08:57

Johannebsurg - Kushone abantu abayisikhombisa ngesikhathi beshaywa umphezulu eMthonjaneni, KwaNongoma ngoMgqibelo, kusho uMnyango wezokubusa ngokubambisana kanye nezomdabu (Cogta)KwaZulu-Natal.

Okhulumela uMnyango uLennox Mabaso uthe: "Abashonile bebesemcimbini wakwaKhoza endaweni.”

"Imibiko yesikhashana iveza ukuthi bebekwenye yezindlu ngesikhathi kushaya umbani.”

Funda nalolu daba:  Kushone oshayise udonga lwendlu ePinetown.

Abosizo lokuqala bafike ngokushesha kanti abane abebelimele baphuthunyiswe esibhedlela besesimeni esibucayi.

UNgqongqoshe wakwaCogta, uNomusa Dube-Ncube, uthumele ithimba lezezinhlekelele endaweni yesehlakalo ukuba liyosiza imindeni ethintekile.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...