Ubesenkantolo eBredasdorp uXingwana
2013-02-12 12:03
Cape Town - UNgqongqoshe wezabesiFazane iziNgane nabaphila nokuKhubazeka uLulu Xingwana, ngoLwesibili uhambele eNkantolo yeMantshi yaseBredasdorp, lapho kuvelea khona abasolwa ababili kwelokudlwengulwa babulawa kuka-Anene Booysen.
"Ungqongqoshe uphindelele amazwi akhe ecela ukuba labo ababenesandla ekubulaleni ngesihluku kuzomele banikwe isigwebo esinzima," kusho isikhulumi sakhe uCornelius Monama esitatimdendeni.
UXingwana umemele umphakathi ukuba usize ekulwisaneni nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
UBooysen, 17, watholwa edlwenguliwe washiywa endaweni yesakhiwo eBredasdorp ngoFebruwari 2, amathumbu ekhishelwe ngaphandle waqhunyiswa okwenkukhu.
Washonela esibhedlela ngenxa yokulimala kakhulu.
Kwaboshwa abesilisa abathathu besolwa ngokuthinteka kulesi sehlakalo, oyedwa wadedelwa ngenxa yokungatholakali kobufakathi obumhlanganisa naleli cala.
"Silapha ukuzosho ukuthi kumele kuphele ukuhlaselwa kwabesifazane nokubonakala kuyinsakavukela ezweni lethu muva nje," esho ngemuva kokuhlehliswa kwaleli cala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA