Ubengazithwele uReeva - Umndeni
2013-02-28 12:06
Johannesburg - UReeva Steenkamp wayengakhulelwe ngesikhathi edutshulwa ebulawa, nokusolakala ukuthi kwenziwa yisoka lakhe umsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius, kusho okhulumela umndeni.
"Cha, akusilo iqiniso,” kusho umalume kaSteenkamp, uMichael ngoLwesine ekuseni.
"Lokhu ngeke kuwusize umndeni, kuzosiza lowo oqhamuke nawo la mahlebezi.”
Iphephabhuku laseMelika libike ukuthi uSteenkamp wayehlele ukutshela uPistorius ukuthi ukhululwe ngesikhathi efika endlini yakhe ngobusuku ashona ngabo, ngokusho kweDaily Star yase-United Kingdom.
UPistorius, 26, usolwa ngokubulala uSteenkamp ngosuku lwezithandani.
Watshela inkantolo ukuthi wayecabanga ukuthi udubula isigebengu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA