Ubelungiselela umshado uMadigage

2012-10-22 14:01

Johannesburg - UThomas Madigage obeyisekelamqeqeshi weBafana Bafana, noongasekho emhlabeni, ushone elibhekise eLimpopo eyoqedela amalungiselelo omshado wakhe neMeya kaMasipala waseFetakgomo, uKuki Sefala.
 
UMadigage, wahlukanisa nonkosikazi wakhe anengane naye uConita Mambane cishe eminyakeni emihlanu edlule, nomunye wesifazane eminyakeni emibili, kanti ubesezobopha elikasofasilahlane noSefala ngoDisemba kulo nyaka.
 
ISunday World ingakuqinisekisa ukuthi lowo osekomidini eliphezulu ehhovisi lemeya yaseSekhukhune, uDavid Magabe, uyena obezohola izingxoxo zamalobolo.
 
Singakuqinisekisa futhi ukuthi uMadigage, ubelibhekise e-Atoks eyolanda uKuki ngesikhathi ehlelwa yingozi.
 
Umthombo wethu ongafunanga ukudalulwa igama, uthe izindaba zomshado kaMadigage zivele ngemuva kwengozi.
 
USefala ukhulume nephephandaba leli eqinisekisa ukuthi ubethandana noMadigage nosekuphele cishe unyaka, kodwa walile ukukhuluma ngezinhlelo zomshado




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...