Ubelethe waqeda wayobhala iphepha

2013-11-27 14:03

Cape Town - Intombazane yaseKapa ibe nesibindi esimangalisayo yahamba yayobhala iphepha layo lesiBhunu, kusaphele amahora amane kuphela iqede ukubeletha.

UShamegah Samuels, 18 ofunda esikoleni iLavender Hill Secondary School, utheleke esikoleni ngo-09:00, ngemuva kokuthi ecele ukudedelwa esibhedlela eqeda ukubeletha.

USamuels uthi uqale ukusikwa ngoMsombuluko, wasaba ukutshela unina, engazi noma sekuyikho ngempela yini, kubika iCape Argus.

“Ngigcine ngizwa ukuthi ngisikwa ngempela, ngibelethe ngo-05:00 ekuseni, esibhedlela iRetreat Day.”

Intombazane icele ukuthi odokotela bayidedele, ithi ifuna ukuyoqedela ukuhlolwa kwayo.

“Ngazitshela ngiqala ukubhala ukuthi ngizogcina ngiqedile, abantu basikhuluma kambi isikole sethu, bengifuna ukubuyisa igama laso, ngenze umehluko."

Uthishanhloko uFaseeg Manie, uthi abafundi basesikoleni sakhe bangabafundi ababhekene nezingqinamba eziningi kakhulu ngenxa yezindawo abaphuma kuzo.


"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...