Ubekwe icala owasongela uMalema

2013-01-18 12:02

Johannesburg - UBoy Mamabolo, owayengumngani kalowo owaxoshwa ekubeni ngumengameli wophiko lwentsha lwe-ANC uJulius Malema, uzovela enkantolo eLimpopo ngesonto elizayo kulandela ukuvulelwa icala lokwehlisa isithunzi ngemuva komqhafazo awuthumela, ngokusho kombiko ngoLwesihlanu.

ISowetan ibike ukuthi uMamabolo uzovela eNkantolo yeMatshi ePolokwane ngoLwesibili kulandela ukusabisa uMalema ngokuthi uzomba amathambo kamama wakhe uMohlodi ongasekho, awathathe ayowabeka phambi komuzi kagogo wakhe uSarah eSeshego.

UMamabolo ufike esiteshini samaphoyisa ePolokwane ngoLwesine ephelezelwa ngummeli wakhe uPholoto Seopela, ocele ukuba angagcinwa esitokisini, wabe esededelwa ngesexwayiso.

UMalema wafakela uMamabolo icala ngemuva kokuthola umqhafazo.

Ngasekuqaleni kwesonto, iphephandaba iThe Star libike ukuthi uMamabolo uthumele uMalema umyalezo othi: “ngifuna ukukutshengisa ukuthi nginesihluku esinjani, ngizoya komba uMahlodi ethuneni lakhe bese ngimbeka phambi kwendlu kagogo wakho. Usungigile kakhulu.”

Lokhu uthi uMamabolo wakwenza ngoba nakhu uMalema athumela abangani bakhe ukuthi balale nentombi yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...