Ubanjwe eNanda osolwa kwelokubanjwa kwe-casino
2013-02-21 14:02
Pretoria - Ibanjwe KwaZulu-Natal indoda eyodwa kwangu-12, asolwa ngokuthinteka esehlakalweni sokubanjwa inkunzi kwendawo yokugembula, esenzeka emasontweni amathathu edlule, kusho amaphoyisa.
Uphiko oluphenya amacala ahleliwe eThekwini lukanye nozakwabo baseGauteng, bagasele emzini wendoda oseNanda, zayikhalela ngoMsombuluko, kubika iDaily News.
Umsolwa unesithabathaba somuzi eGreytown kanti ubelokhu ebhace eKZN, kusukela kwabanjwa inkunzi i-casino, mhlaka-28 Januwari.
Umthombo osemaphoyiseni uthi kushaqwe izibhamu ezintathu, isamba semali engu-R8 000, ubucwebe, amaselula kanye nezikhiye zezimoto ezehlukene.
Kukholakala ukuthi lezi zikhiye ngezezimoto ezasetshenziswa kubanjwa inkunzi i-casino eBrakpan.
Umsolwa usedluliselwe esitokisini samaphoyisa eGauteng, nala kulindeleke khona ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBrakpan.
Umsolwa ubhekene necala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokuzama ukubulala, kuthiwa ubevele efunwa ngamaphoyisa mayelana namanye amacala okubamba inkunzi.
Umbiko uthi beba imali engaphezu kuka-R1.2 million, ngesikhathi bebamba inkunzi e-casino.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24