Ubanjwe eMidrand obefunwa uthuli
2012-04-06 14:25
Johannesburg - Owesilisa ongowokudabuka eNigeria obefunwa mayelana nobugebengu eBelgium uboshwe ngaphandle kwaseKyalami Estate, eMidrand yinhlangano yamaphoyisa i-International Criminal
Police Organisation (Interpol), kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.
Le ndoda, 36, iboshwe ngoLwesine ngaphandle kwendawo lapho kuthiwa inemizi emibili khona, kusho okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Vish
Naidoo.
Ubefunwa uthuli emuva kokutholakala nezidakamizwa zenani lika-R1 billion eBelgium.
NgoSepthemba 2008, izikhulu ze-custom eBelgium zambhadama nalezi zidakamizwa esikhumulweni sezindiza eZaventem.
UNaidoo uthe lo wesilisa wayesevele egwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele eBelgium.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA