Ubangwa nezibi oneCongo Fever
2013-01-14 12:07
Bloemfontein – Kubikwe izigameko ezimbili zeCongo Fever eBloemfontein esontweni eledlule, kubike iBeeld ngoMsombuluko.
Usomabhizinisi waseBloemfontein uTommy Marx, 44, usesimweni esimbi esibhedlela iLife-Rosepark ngemuva kokungenwa yilesi sifo ngelanga likaNcibijane, ngemuva kokulunywa emunweni yi-Hyalomma tick.
UJohannes Ngwato, 47, osebenza eKalkfontein Nature Reserve ngaseFauresmith, uphumile esibhedlela ngoLwesihlanu ngemuva kokuchitha izinsuku ezingu-11 esibhedlela elashelwa lesi sifo.
Unkosikazi kaMarx, uPikkie, uthe umyeni wakhe ubenezimvilapho emakhwapheni evuvukala ngoJanuwari 4, wabe esengeniswa esibhedlela ngesikhathi ismo sakhe siya ngokuba simbi kakhulu.
Okhulumela isibhedlela iLife-Rosepark u-Esmarie Cronje uthe isimo sikaMarx sibi kodwa siyathembisa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA