Ubadlisela ogageni umthandazi ona-11

2014-07-17 14:07

Verulam - Ubamise kabi abathandazi baseVerulam, umthandazi osemncane obatshazwa ngapha nangapha, uThobelani Ntaka, kusho abezindaba zeDaily Sun.

UThobelani, 11, washonelwa ngumama wakhe enonyaka nezinyanga eziyisithupha ubudala, wakhuliswa ngubaba wakhe uVusimuzi, 45.

UVusimuzi onenkinga yokungaboni kahle emehlweni, utshele iphephandaba wathi unakekelwa yindodana yakhe, kusukela ineminyaka emine ubudala.

 “Ngonyaka ka-2007, amehlo avaleka ngci, nganakekelwa uThobelani," kusho ubaba.

Ngonyaka ka-2010, uThobelani wanyamalala izinsuku ezintathu engaziwa ukuthi ukuphi, wagcina etholakala ngasolwandle lwaseThekwini.

 “Ngathuka engitshela ukuthi ubesolwandle elande amandla okuphulukisa. Ngangimbuka ngithi uyingane, wangithinta emehlweni, avuleka njengoba sengibona kancane," kusho lo baba.

UThobelani wamukela izingcingo ezingaba ngu-100 ngosuku, abantu befuna usizo.

 “Abanye abelapho sebeyangesaba, nomsebenzi usumningi kakhulu. Kukhona abelaphi asebeke bangicela ukuthi ngisebenzele bona ngala," kusho umfana.

UThobelani uthi akukho okuzophazamisa umsebenzi wakhe wesikole, njengoba ezimisele ngokushayela amabhanoyi ngelinye ilanga.

Omunye wamakhasimende kaThobelani, uthi waya kofuna usizo ezama ukukhulelwa, uthi wezwa ngaye etshelwa umngani wakhe.


- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho


 -
Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 



- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
6 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...