Ubaba uzibulale nonkosikazi

2013-01-07 09:01

Johannesburg - Zisale ziyizintandane izingane ezintathu eziseminyakeni ephakathi kwemine neyishumi nanye ubudala, ngesikhathi ubaba wazo egwaza ebulala unina ezibulala naye.

Umbiko wephephandaba iSowetan uthi ubaba lona ube nengxabano nomkakhe, wase emgwaza embulala ngaphambi kokuthi azidubule azibulale.

Amaphoyisa agasele kulo muzi oseBronkhorstspruit, eGauteng, azithele esidunjini sowesifazane oneminyaka engu-39 ubudala, sidindilize ekhishini, kwathi uma engena ethoyilethi, athla isidumbu sendoda.

Umbiko uthi abasgadikazi bebephezu kwezinhlelo zokuhlukanisa, izingane zonke bezosekhaya ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo.

Omakhelwane batshele amaphoyisa bath bezwe ukuhilizisana, ngemuva kwalokho indodana eneminyaka engu-11 ubudala yaphuma yayocela usizo komakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa aseBronkhorstspruit uJohannes Japhta uthi ekufikeni kwamaphoyisa amasango kulo muzi abekhiyiwe, izingane zimi emnyango, ujaphta uthi kuyaphenywa ngalesi sehlakalo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...