Ubaba ufuna ukuthwala ngami - Indodana

2012-11-02 12:40
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Waqale wacabanga ukuthi kungamancoko ukuthi ubaba wakhe ufuna ukumshumpula ikhanda, kodwa uMzamile Xhelinkomo uthi konke kwacaca ngesikhathi eboniswa ngalokhu.

“Manje sengiyakholwa ukuthi lokhu kuyiqiniso,” kusho uXhelinkomo, 36, nosebenza njengonogada.

Ubekhuluma neDaily Sun eseFoundation Apostolic Church egadwe uMfundisi Anila Khumalo, 54.

Uthe usexwayiswe kaningi ukuthi uyise ufuna ukuthatha ikhanda lakhe alisebenzisele umuthi.

“Ngaxwayiswa ngumalume ngokuthi ubaba ufuna ukungenza isilo sengubo ukuze ezoceba bese evula ibhizinisi," kuchaza uMzamile.

“Ngakushaya indiva konke lokhu.” Kodwa ngoLwesihlanu wayehlezi ngaphandle komjondolo wakhe ephuza ubhiya, uyise engaphakathi.

“Ngavele ngazizwa ngiphathwa yinzululwane kungathi ngiwela emgodini wasemayini.

“Ngathi uma ngifika emgodini ngabona amadoda amabili ekhala efuna usizo ephuma igazi ekhanda. Nobaba wami wayekhona lapho, ethi angibajoyine," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone abahlanu engozini eFree State

Emizuzwini eyi-43 edlule
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Increasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...