Ubaba nendodana balahlwe awokudlwengula

2012-12-06 08:17

Johannesburg - UBooi Makhubela nendodana yakhe uRodgers abatshengisanga muzwa ngesikhathi belahlwa ngamacala angu-39 okudlwengula, ukushaya, ukuthumba nokugebenga eNkantolo eNkulu yaseGoli, kubika iSowetan.

Laba bobabili bakhale ngaphansi emacaleni okudlwengula abesifazane abayishumi ngesikhathi babezenza abashayeli bamatekisi eGauteng phakathi kuka-2008 no-2009.

IJaji uRoland Sutherland uthe yize kunobufakazi bokuthi uBooi akazange abadlwengule abanye besifazane, kodwa kuyacaca ukuthi waba yingxenye yala macala.

"Wayenga abesifazane ebayalela ukuthi bagibele yiphi itekisi," kuqhuba uJaji Sutherland.

Ijaji liphinde labuchitha ubufakazi bukababa nendodana, yamukela obabamangali.

La basolwa bathi abanye babesifazane ababadlwengula babengomahosha, kanti abanye bavuma ukulala nabo ngoba bebathembise imali.

Bathi abanye balala nabo ngesikhathi bengenayo imali eyanele yokugibela itekisi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

'Wangifakele isichitho usugar mama'

Emizuzwini eyi-4 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...