Ubaba ecaleni lokukhulelisa indodakazi

2012-12-13 10:02

Johannesburg - Omunye owesilisa waseMpumalanga usebekwe icala lokudlwengula nokukhulelisa indodakazi yakhe kathathu bese eyiphoqa ukuba ikhiphe izisu.

Le ndoda eneminyaka engu-53 ubudala nengusomatekisi waKanyamazane isolwa ngokuthi yaqala ukudlwengula indodakazi yayo ngo-2001 iseneminyaka engu-11 ubudala, kubika iSowetan.

Indodakazi yakhe yabe isiyakhulelwa kathathu phakathi kuka-2001 no-2003, kanti kusolakala ukuthi yayiphoqwa ukuba ihushule izisu.

Le ndoda ivele eNkantolo yesiFunda eNelspruit ngoLwesithathu ngamacala angu-14 okudlwengula, njengoba yaboshwa ngoMashi.

UMbuso uthi le ndoda yabhalela indodakazi yayo incwadi lapho yayisho khona ukuthi iyayithanda, sakuyishela.

Icala libe selihlehliselwa unyaka ozayo njengoba kulindeleke imiphumela yongoti ngokuhlolwa kwencwadi ukuthi ngabe yabhalwa yile ndoda ngempela yini.

Ummeli wale ndoda, u-Aggrey Machubeni, akazange akuphikise ukuhlehliswa kwecala.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-9°C Sunny. Cool. Bloem: -1-11°C Morning clouds. Cool.
Dbn: 11-19°C Showery. Morning clouds. Refreshingly cool. PE: 9-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...