UZuma wayexhaswa ngapha nangapha - Umbiko

2012-12-07 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umbiko oyimfihlo womcwaningi mabhuku uthi baningi abantu abaxhasa ngezimali uMengameli uJacob Zuma, kuze ezokwazi ukuphila impilo ewubukhazikhazi.

Iphephandaba iMail & Guardian libike lathi ingaphezu kuka-R8 million imali ekwaxhaswa ngayo uZuma.

Lo mbiko kuthiwa ubulokhu ufihliwe, nangesikhathi iNhlangano yezikuShushisa ihlela ukubeka uZuma amacala.

Umbiko wakwa-KPMG uthi uZuma "ngusopolitiki othobekile", owamukela imali kubantu abafana nosomabhizinisi uSchabir Shaik kanye noNelson Mandela - ekuthiwa wamsayinela isheke lika-R1 million, ngemuva kokuthi ekhishwe esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli, ekhishwa yiloyo owabe enguMengameli uThabo Mbeki, ngoJuni ka-2005.

Ngalesi sikhathi kuthiwa uZuma wayekweleta ibhange imali elinganiselwa ku-R400 000.

Abanye ekuthiwa bamxhasa ngemali bahlanganisa osomabhizinisi uJurgen Kögl, Vivian Reddy, umshana wakhe uKhulubuse Zuma, izinkampani iThomson-CSF (okumanje isibizwa ngeThales) neFerrostaal.

Amabhange nawo kuthiwa ayenza konke ukuzama ukusiza uZuma, yize kwabe kucaca ukuthi ubhekene nenkinga yezimali.

Umbiko lona wabe uyingxenye yobufakazi obahlanganisa wuphiko loFezela ngonyaka ka-2006.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-27°C Sunny. Warm. PE: 13-23°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...