UZuma uzophendula ngolwaseNkandla
2012-11-14 12:02
Cape Town - UMengameli uJacob Zuma kulindeleke ukuthi aphendule imibuzo ngaphambi kwePhalamende, mayelana nodaba oluthinta ukulungiswa komuzi wakhe oseNkandla, nekuthiwa kuzodla isamba esingu-R240 million, kubika iNewswatch.
Amaqembu aphikisayo awagcini nje ngokufuna ukwazi ukuthi yimalini empeleni ezosetshenziswa, asephinde ahlangana ngenhloso yokuchitha ngevoti uZuma, njengoba ekhalaza ngokuthi awawuthembi umsebenzi wakhe.
Kuthiwa umsebenzi wokulungiswa komuzi waseNkandla yilona daba oluseqhulwini kusiShayamthetho, kanti kuthiwa akhona namanye amalungu aphezulu e-African National Congress aseveze ukuthi aphoxekile ngesiphakamiso sokusetshenziswa kwale mali, isetshenziselwe ukulungisa umuzi.
Udaba lokungaphumeli obala kukahulumeni ngokulungiswa kwalo muzi, kuthiwa sekufake uqhekeko nasezinhlanganweni ezingumbimbi, ikakhulu iCosatu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24