UZuma uzonyuselwa umholo ngo-5%

2011-08-26 16:46

Johannesburg - Njengoba likhula inani leziteleka zabasebenzi abafuna ukunyuselwa amaholo kuleli, abaqashi nezinyunyana bengabhekani, uMengameli Jacob Zuma nabasebenzi bakhe bazonyusela amaholo ngo-5%, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

I-Independent Commission for Remuneration of Public Office Bearers iphakamise ukuthi lesi siphakamiso kumele siqale ukusebenza kubalwe kusukela ku-Ephreli.

Lokhu kuchaza ukuthi uZuma usezohola u-R2.4m ngonyaka kuthi iPhini likaMengameli lithole u-R2.2m.

Ongqongqoshe beKhabhinethi bazothola u-R1.5m, ondunankulu bathole u-R1.7m kuthi iziMeya zihole imali engaphansi kancane kuka-R1m.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...