UZuma uzohola ithimba eliya enhlanganweni weSADC

2013-01-09 11:03

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma uzohola ithimba elizohambela umhlangano wamazwe ngaphansi kweSouthern African Development Community (SADC) , kusho uMnyango wezangaPhandle.

"Umhlonishwa uMengameli uJacob Zuma uzohola ithimba laseNingizimu Afrika elizokuba yingxenye yomhlangano weSADC Extra-Ordinary Troika Summit, ozobanjelwa eDar es Salaam, e-United Republic of Tanzania,” kusho isitatimende.

Umhlangano kulindeleke ukuthi ubanjwe mhlaka-10 Januwari.

Okhulumela uMnyango uClayson Monyela, uthe umhlangano uzodingida nangesimo sezokuphepha nezombusazwe eDemocratic Republic of Congo naseMadagascar.

"I-SADC iyaqhubeka nokuba yinqola emasondosondo ebhekele ukusebenza kwemigomo yamazwe ase-Afrika, kuze kuzozuzwa impumelelo,” kuqhuba uMonyela,.

UZuma uzophelezelwa nguNgqongqoshe woMnyango wezangaPhandle nokubambisana uMaite Nkoana-Mashabane.




 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-29 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...