UZuma uzobonakala kwiDurban July

2014-07-04 16:16

Durban - UMengameli wezwe uJacob Zuma uzobonakala emhajqeni wamahashi wodfumo iDurban July ebanjwa njalo ngonyaka, nekudlisela kuwo amahhashi kuphinde kukhangiswe ngengqephu.

Akusiye kuphele uZuma ozoba kulo mjaho, kuzobe kukhona nendoda eyake aba sengxavuleni ngesikhathi ibekwa icala lokuthela umengali ngobhiya, uDaryl Peense.

"Nakanjani, ngizoba khona kusasa," kusho uPeense, etshela abezindaba zeSapa eqinisekisa ukuthi uzoba seGreyville.

"Kulo nyaka kumele banginike isiphuzo engeke silokhu sichitheka kuze ngingeke ngibe senkingeni," kusho uPeense encokola.

Ngenyanga kaNovemba nognyaka ka-2011,  uPeense wathela ngephutha umengameli uZuma, wakhalelwa amasongo kaSigonyela ngaso leso sikhathi.

Walahlwa yicaala wahlawula u-R8000, wase emiswa emgubhweni iminyaka emithathu.

Konke sekumi ngomumo kulo mgubho ekubhekeke uhanjelwe abantu abangaphezu kuka-55 000.

Umphathi omkhulu weGolden Circle uthe zonke izindlela izinto zizohamba ngokohlelo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...