UZuma uxwayise i-ANC ngamahlubuka
2012-12-21 09:01
Bloemfontein - UMengameli we-ANC uJacob Zuma ufunge wagomela ukuthi uzolwisana nokuqembuka ukuze kubhekanwe namahlubuka kanjalo namalungu afaka inhlangano ezinkantolo.
"Ngokuthola imfundo yezombusazwe nokuthuthukiswa kwamaqabane kanjalo nokubhekana ngqo nalabo abaziphatha budlabha, sizokwazi ukulwisana nomkhuba ongasile esesike sawubona kule minyaka," esho ngesikhathi kugoqwa ingqungquthela yeqembu ebiseMangaung.
"Lokhu kubandakanya ukuqembuka, ukutshala uqhekeko nokudideka ngaphakathi enhlanganweni, ukusetshenziswa kwemali ukuze kuthengwe amalungu, izikhundla noma ukuba nomthelela enhlanganweni, ukugxibhana nokuhlaselwa kwamalungu e-ANC."
UZuma umemezele ukuthi uSekela Mengameli Kgalema Motlanthe, nokhale ngaphansi ekuphonseleni uZuma inselelo kwesobumengameli, uzoba yinhloko yohlelo lwemfundo yezepolitiki kuleli qembu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA