UZuma uvulele iMedia24 icala

2013-01-25 14:03

Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma, usevule icala evulela inkampani yezindaba iMedia24, naloyo owabe engumhleli wephephandaba iRapport uTim du Plessis.

UZuma uvule icala lokwehliswa isithunzi, ekulindeleke ukuthi ukuthethwa kwalo kuqhubeke enkantolo ngoLwesihlanu.

Umbiko wephephandaba iThe Star, uthi uZuma ufuna ukuhlawulwa ngo-R5 million, kulandela ukuthi kushicilelwe isithombe sakhe ephephandabeni iRapport, ngoDosemba 2007.

Isithombe sasiveza uZuma osa inyama enomculi uSteve Hofmeyr nosomahlaya uLeon Schuster, isihloko sesithombe sithi "Piekniek by Dingaan".

UZuma wavula icala ethi umqondo ocashile esithombeni ukhombisa uZuma efana neNkosi uDingane, owenza sengathi ungumngani namaBhunu kanti wakha itulo lokuwavukela.

Inkampani iyaliphika icala.

Ngenyanga ka-Okthoba, uZuma wahoxisa icala abe elethwese umdwebi uJonathan "Zapiro" Shapiro nephephandaba iThe Sunday Times, okuyicala elalimayelana nesithombe esashicilelwa ngo-2008.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...