UZuma uvikele amaphoyisa aseMarikana
2012-12-14 16:27
Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma usephikele amaphoyisa ayesebenza ngesikhathi kudutshulwa kubulawa abavukuzi abangu-34 ababetelekile emayini iLonmin, eMarikana.
Esaqhubeka nenkulumo yakhe nabezindaba zeThe Guardian, uZuma uthe udlambe dlu olwaluqhubeka, lwadalwa yizinkinga eziphathelene namaholo, wathi akumele kusolwe ungqongqoshe wamaphoyisa nokhomishana.
"Akekho umuntu owayelindele into eyenzeka eMarikana," esho.
"Angeke wathi ungqongqoshe noma ukhomishana banecala. Ngesikhathi abasebenzi bebhikisha, babephethe kwanhlobo yesikhali. Empeleni ngaphambi kokuthi kube nokudubula okwenzeka, kwakuvele sekushone abantu abayishumi.”
"Ngabe kwashona abantu abangaki ukube amaphoyisa awabaphucanga abavukuzi izikhali? Akekho umuntu onempendulo yalokho,” esho ekhuluma naleli phephandaba laseBrithani.
UZuma uqhube wathi okwenzeka eMarikana kwavula abantu amehlo, ngezimo abasebenzi abasebenza ngaphansi kwazo ezimayini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24