UZuma uthembisa intuthuko

2012-11-08 14:02

Parliament - UMengameli Jacob Zuma utshele iNational Council of Provinces ehambele eDe Aar ukuthi uhulumeni uzimisele ngokuqeda ngokugqoza kwentuthuko emiphakathini ehlwempu kuphinde kwakhiwe namasu emisebenzi.

Uthi njalo uma kunembizo nemiphakathi, abantu bakhala ngezemfundo, amanzi ahlanzekile, ugesi nemithetho enqala evikela abantwana nabesifazane.

"Sivumelana nani... ukubuyiselwa kwezidingo emphakathini kumele kube yinto emqoka," esho.

"Kumele sinyuse amasokisi kwezemfundo eyisisekelo nakwephakeme. Kumele sikhuphume izinga lokuphepha, okubalwa ukulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane."

"Uma izingane zihamba amabanga amade ziba sengozini yokuthi zinukubezwe ngokocansi. Kuyadabukisa ukuthi kukhona abantu abangenazwelo ngale ndlela emiphakathini yethu abahlasela izingane."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Showery. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...