UZuma usenze inhlekisa emazweni - Malema
2012-07-27 12:07
Cape Town - Lowo owake waba ngumengameli we-ANCYL uJulius Malema usephinde washiya angalazi kuMengameli Jacob Zuma, egxeka isithembu sakhe nokuthi ahoxiswa kanjani amacala ayebhekene nawo, waphinde wachaza umengameli "njengomholi osolisayo".
Ubethula isifundo esimayelana nowayengumengameli uNelson Mandela ehholo laseCape Peninsula University of Technology ebeligcwele liphuphuma ngoLwesine, kubika iSowetan.
UMalema uthe isithembu sikaZuma senze iNingizimu Afrika inhlekisa emazweni omhlaba, futhi sedicilela phansi amalungelo abesifazane.
"Uma indoda ikwazi ukuthi ithathe amakhosikazi amane kusho ukuthi nabesifazane kumele bavunyelwe ukuba benze okufanayo,” kusho uMalema, kwezwakala inhlokomo enkulu kubafundi.
Uthe uZuma uyaqhubeka nokulimaza iNingizimu Afrika “ngesiko” lakhe, kanti ushada “njalo ngoDisemba”.
UMalema uthe uMandela, ongowasebukhosini, akaze asebenzise isiko lakhe ukukhombisa ubuholi bakhe.
"Ngesikhathi uMandela ethatha esobumengameli, wayazi kahle kamhlophe ukuthi ubumbano ezweni lubaluleke kakhulu kunokugqugquzela isiko lakhe,” kugcizelela uMalema.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24