UZuma usehalalisele u-Obama
2012-11-07 12:06
Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma, usehalalisele uzakwabo waseMelika uBarack Obama, osephinde wanqoba ukhetho lukazwelonke, nokuzokwenza angene ehhovisi ihlandla lesibili.
"Siyabazisa ubudlelwano bethu neMelika, silindele ukuthi kuqhubeke ukusebenzisana nobudlwelwano, kuqhubeke kuqiniswe amaxhama," kusho uZuma.
UZuma uthe iMelika inendima ebalulekile ekumele iyidlale ekuqinisekiseni ukuthuthuka kwamazwe ase-Afrika.
"INingizimu afrika inethemba lokuthi iMelika izoqhubeka nokusebenza ngokuzimisela ekuqinisekiseni intuthuko yase-Afrika."
Ekunqobeni kuka-Obama, ube nguMengameli wesibili wamaDemocrat ukuthi anqobe kulandelana, lokhu kwagcina ukubonakala ngesikhathi seWorld War Two.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
–Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA