UZuma uphendule uMotlanthe - Umbiko
2012-10-30 10:34
Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma usetshele izintatheli zamazwe omhlaba ukuthi iNingizimu Afrika ayikho engcupheni yokufadalala, ngokusho kombiko wangoLwesibili.
"Asikho nje enkingeni," esho, ngokombiko weSowetan.
UZuma ubephendula iSekela lakhe uKgalema
Motlanthe ngemuva kokuphawula kwakhe ngenkomfa yaseMangaung ngoDisemba.
"Kungukuphambuka ukuthatha izinto ngehaba, ngenxa yokuthi kuneziteleka akusho ukuthi izwe lisenkingeni enkulu," kusho uZuma.
"Kuthina njengohulumeni, izwe alikho sengcupheni."
UMotlanthe uphawule wathi abantu abaningi bazobe bebheke iMangaung ngokuningi kanjalo nangemigomo yezwe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA