UZuma uphendukele edlozini

2012-11-26 10:01
Yabelani Shicilela

Durban - Umengameli Jacob Zuma, nobhekene nokukhula kwamazwi athi akehle esikhundleni sokuhola i-ANC, uphendukele edlozini ngaphambi kokuya eMangaung, ngokombiko weThe Mercury.

Umndeni kaZuma uhlabe izinkomo ezingu-12 wase ushisa nempepho eNkandla.

Abaholi be-ANC bebengabonwa nangokhalo kulo msebenzi, kodwa uZuma uqhubekile nokusina aqekebule egqoke ibheshu ngesikhathi izinkulungwane zabantu zikhulekela ukuba athole ihlandla lesibili ekuholeni i-ANC.

INkosi uBheki Zuma unikeze uZuma ihawu nomkhonto, wathi lezi yizikhali zokumvikela kulabo abamelene naye ku-ANC.

ISekela likaMengameli uKgalema Motlanthe kulindeleke aphonsele uZuma inselelo.

Izintatheli ziphume ngesamagundane ngesikhathi indodana kaZuma, u-Edward, ezibuza ukuthi zimenywe ngumani, wase eyalela amaphoyisa ukuba azikhiphe.  


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C High level clouds. Mild. Pta: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...