UZuma ungundlovukayiphikiswa - Kenny Kunene

2013-06-21 10:02

Johannesburg - Usomabhizinisi ongunontanda kubukwa uKenny Kunene, usekhwele wadilika kuMengameli wezwe uJacob Zuma, wambiza nge "silwane", wathi ungundlovukayiphikiswa, esho encwadini eshicilelwe ephephandabeni iThe Star.

UKunene ubhale wathi: "Phambi kwabantu uyahleka umoyizele, kodwa iqiniso wukuthi uziphathisa okwesilwane esingahlasela izimbangi zaso noma kunini, ngesizathu salokho abantu bayasaba ukukuqonda ngqo."

UKunene ubhale wathi wayemeseka uZuma ngaphambi kokuthi abe ngumengameli.

"Ngibhala lokhu ngoba ngiphoxekile ngokuqhuba kweqembu i-African National Congress, kusukela waqala ukulihola.

"Mengameli angifuni ukuba ngomunye walaba abakutshela ukuthi wembethe uzifihlile, ekubeni ube wembuleke izinqe. Uhleli obala," kuqhuba uKunene, efanekisa ngendaba ye-Emperor's New Clothes.

Uthe ubudlelwano bukaZuma nomndeni wakwaGupta busehlisile isithunzi sikamengameli, ube eseziphendulela ngempilo ewubukhazikhazi ayiphilayo, wathi kuncono yena akasebenzisi imali yabakhokhi bentela.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-44 edlule
Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...