UZuma unaso isikweletu somuzi - Umbiko

2012-11-20 14:05

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma unaso isikweletu somuzi wakhe oseNkandla, enhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal, kusho iHhovisi likaMengameli ngoLwesibili.

"Siyaqinisekisa ukuthi ngempela uMengameli uZuma unaso isikweletu nelinye lamabhange amakhulu aseNingizimu Afrika. Uyakhokha zinyanga zonke," kusho umkhulumeli wakhe uMac Maharaj, esitatimendeni.

IHhovisi likaMengameli lithi liyibonile imibiko yabezindaba ethi umengameli ukhohlise iPhalamende wathi unesikweletu asenza ngomuzi oseNkandla.

"Siyacela abezindaba bahloniphe izinhlaka eziphenya ngalolu daba. Ukuhlawumbisela namahemuhemu angeke kusize ngalutho," kusho uMaharaj.

Iphephandaba iCity Press labika ngeSonto lathi akukho sikweletu somuzi esibhalwe ngoZuma, laqhubela lathi umhlaba ekwakhiwe kuwo ngowabeNgonyama Trust, engaphansi kwesandla seSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

NgoLwesibili, uZuma watshela iPhalamende wathi unesikweletu ngalo muzi wakhe ongundabamlonyeni.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...