UZuma ulinde umbiko kwelikaShiceka

2011-04-18 10:50
Yabelani Shicilela

Pretoria - UMengameli Jacob Zuma usalinde umbiko kulandela izinsolo zokuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uSicelo Shiceka, wasebenzisa budedengu imali yabakhokhintela ngesikhathi akha isithabathaba somuzi e-Eastern Cape, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Iphephandaba iSunday Times ibike ukuthi uShiceka wakha umuzi lapho ezalwa khona eNgquza Hill.

Le ndawo ingenye yezihaqwe yindlala kulesiya sifundazwe njengoba kubikwa ukuthi ayinawo ugesi namanzi ompompi.

Leli phephandaba liphinde labika ukuthi umuzi kaShiceka uzoba yingxenye yemizi yokuqala ezofakelwa ugesi kuleya ndawo.

Ngesonto eledlule, uShiceka ube ngungqongqoshe wokuqala kusukela ngo-1994 ukuthi aphenywe ikomidi lokuziphatha ePhalamande.

Okhulumela iHhovisi likaMengameli uZizi Kodwa uthi uZuma ngeke anyakaze ngaphandle kokuthola yonke imininingwane ngalolu daba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...