UZuma ukhathazekile ngodlame lwaseCAR

2013-01-03 11:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma usethumele ithimba elihamba nongqongqoshe ukuthi liyohlola isimo eCentral African Republic (CAR), kusho uMnyango wezangaPhandle nokuBabambisana.

"UMengameli uZuma uthumele uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula ethi akayohlola lokho okwenzeka eCAR, kusho isitatimende sikaClayson Monyela, okhulumela uMnyango.

Lokhu kuyingxenye yemizamo yeNingizimu Afrika yokuzama ukudala ukuthula eCAR.

"INingizimu Afrika iyakugxeka ukuqhubeka kodlame okuqhutshwa ngamasosha. Lokhu kubukela phansi isivumelwano esenziwa eLibreville.”

UMonyela uthi umengameli uphakamise ukuthi kubekwe phansi izikhali ngokushesha.

"Sithi amaqembu awaziqhelelanise nezigameko ezinodlame, ezihlukumeza izakhamizi namalungelo abantu.”

INingizmu Afrika iphakamisa ukuthi kube nokuxoxisana phakathi kukaMengameli wezwe uFrancois Bozize namaqembu.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...