UZuma ukhalise iZambia

2013-02-08 12:16

Johannesburg - UMengameli wezwe laseNingizimu Afrika uJacob Zuma, usethumele amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu bonke baseZambia, kulandela isiphihli sengozi edlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-50.

Ibhasi ebithwele abagibeli ishayisane neloli ngoLwesine, emgwaqeni iGreat North Road, eChibombo, esifundazweni esimaphakathi nezwe laseZambia.

“INingizimu Afrika ikanye nabantu baseZambia ngalesi sikhathi esinzima sokulahleka kwemiphefumo engaphezu kuka-50. Sizwelana kakhulu nani zihlobo, bangani kanjalo nani mindeni yabalahlekile," kusho uMengameli uZuma.

Abagibeli bebelibangise eLusaka, ingozi yenzeke ngesikhathi umshayeli ezama ukujika egwema izimoto ebeziza ngakuye, kusho osindile u-Ackim Shawa, etshela abezindaba.

Kanti-ke sekuvele ukuthi imenenja kwelinye lamapulazi yakuleli laseNingizimu Afrika, yiyo esolwayo ekudaleni le ngozi, kusho umbiko wezindaba zakwaSABC.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-25°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-22°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. PE: 17-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...