UZuma ukhala ngokungalingani kwabantu ngokwezimali

2013-01-07 11:02

Durban - Ukungalingani phakathi kwemindeni yabamnyama nabamhlophe akukwenzi ukubuyisana kube yimpumelelo, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma ngeSonto.

UZuma, ubekhuluma eThekwini, ngesikhathi kuvalwa umgubho weminyanya eyikhulu kwasungulwa uKhongolose, uthe isimo sokuthi abamhlophe bacebe ngokuphindaphindiwe kunabamnyama kumele kube yinto yesikhathi esidala.

UZuma ubekhuluma ngezibalo zango-2011 ze-census ezakhombisa ukuthi iningi labamhlophe lisahola kakhulu kunabamnyama.

"Lokhu akukuhle ekubuyisaseni nasekwakheni isizwe nakuthina sonke, abamnyama nabamhlophe. Kumele kusetshenzelwe ukwehlisa nokuvala leli gebe.”

Ekhuluma ngomlando we-African National Congress, ubonge kakhulu labo ababambe iqhaza empumelelweni yeqembu, waphinda wanxusa ukuba kube nobumbano ngaphakathi eqenjini wathi lokho kosiza iqembu kanye nezwe.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Heavy rain. More sun than clouds. Cool. Pta: 9-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-21°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 10-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...